| Verse no | Verse | Footnotes |
|---|---|---|
| 1 | Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. | |
| 2 | Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi. | |
| 3 | UNkulunkulu wathi: "Makube khona ukukhanya," kwaba khona ukukhanya. | |
| 4 | UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. | |
| 5 | UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala. | |
| 6 | UNkulunkulu wathi: "Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, kwahlukaniswe amanzi namanzi." | |
| 7 | UNkulunkulu wenza umkhathi, wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba njalo. | |
| 8 | UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili. | |
| 9 | UNkulunkulu wathi: "Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo," kwaba njalo. | |
| 10 | Okomileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba, nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. | |
| 11 | UNkulunkulu wathi: "Umhlaba mawuveze utshani, nemifino ethela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni," kwaba njalo. | |
| 12 | Umhlaba wawusuveza utshani nemifino ethela imbewu ngezinhlobo zayo, nemithi ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. | |
| 13 | Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithathu. | |
| 14 | UNkulunkulu wathi: "Makubekhona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka, | |
| 15 | zibe yizinkanyiso emkhathini wezulu zokukhanyisa emhlabeni," kwaba njalo. | |
| 16 | UNkulunkulu wazenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu, inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini, nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku, kanye nezinkanyezi. | |
| 17 | UNkulunkulu wazifaka emkhathini wezulu ukuba zikhanyise emhlabeni, | |
| 18 | zibuse imini nobusuku, zahlukanise ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. | |
| 19 | Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesine. | |
| 20 | UNkulunkulu wathi: "Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu." | |
| 21 | UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. | |
| 22 | UNkulunkulu wazibusisa, wathi: "Zalani, nande, nigcwalise amanzi aselwandle, nezinyoni zande emhlabeni." | |
| 23 | Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesihlanu. | |
| 24 | UNkulunkulu wathi: "Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo," kwaba njalo. | |
| 25 | UNkulunkulu wazenza izilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. | |
| 26 | UNkulunkulu wathi: "Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni." | |
| 27 | UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane. | |
| 28 | UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: "Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni." | |
| 29 | UNkulunkulu wathi: "Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu, esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu. | |
| 30 | Kepha zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, eziphefumulayo, zona nginike yonke imifino eluhlaza ibe ngukudla," kwaba njalo. | |
| 31 | UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha. |
Developed by